Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 7:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 Kwathi lapho inkosi isihleli esigodlweni sayo, uSimakade eseyiphumuzile kuzo zonke izitha zayo ezaziyizungezile,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi inkosi ihlezi endlini yayo, uJehova wayinika ukuphumula ezitheni zayo zonke;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 7:1
19 Referans Kwoze  

Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


Kepha manje uJehova uNkulunkulu wami unginike ukuphumula nxazonke; kakho omelana nami, akukho ngozi.


Wakha imizi ebiyelweyo kwaJuda, ngokuba izwe lazola, engenampi kuleyo minyaka, ngokuba uJehova wayemphumuzile.


Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami.


Kwathi emva kwezinsuku eziningi, lapho uJehova esephumuzile u-Israyeli ezitheni zabo zonke nxazonke, uJoshuwa esemdala eneminyaka eminingi,


UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.


owathola umusa ebusweni bukaNkulunkulu, wacela ukufunela uNkulunkulu kaJakobe idokodo.


UMikhali indodakazi kaSawule akazalanga mntwana kwaze kwaba lusuku lokufa kwakhe.


kusukela osukwini engayaleza ngalo abahluleli ukuba babe phezu kwabantu bami u-Israyeli, ngikuphumuze ezitheni zakho zonke. Futhi uJehova uyakutshela ukuthi uJehova uyakukwenzela wena indlu.


UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.


Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.


UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu.


UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.


Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”


Lowo obamukele amatalenta ayisihlanu wahamba masinyane, wasebenza ngawo, wazuza amanye ayisihlanu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite