Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 6:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 UDavide wabuya wayobusisa abendlu yakhe. UMikhali, indodakazi kaSawule, waphuma wayohlangabeza uDavide, wathi: “Inkosi ka-Israyeli izenze inhlekisa namuhla, yazehlisa isithunzi phambi kwezincekukazi nezinceku zayo njengomuntu ongelutho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 UDavida wasebuyela ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka ukukhazinyuliswa kwenkosi yakwa-Israyeli namuhla, ezivezile namuhla phambi kwezincekukazi zezinceku zayo, njengokuba umuntu oyisiwula eziveza ngokungenamahloni;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 6:20
23 Referans Kwoze  

Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.


UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


Bamnika amashekeli* angamashumi ayisikhombisa esiliva endlini kaBali Beriti, u-Abimeleki aqasha ngawo izidenga namayiyane, bamlandela.


Abakubo sebekuzwile baphuma ukuyombamba, ngokuba bathi uyahlanya.


Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala. Uyakuza nini kimi na? Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.


Ngiyakuphakamisa, Jehova, ngokuba ungikhuphulile; awuvumanga ukuba izitha zami zijabule phezu kwami.


bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.


Base behamba baya, kwaba yilowo nalowo endlini yakhe; uDavide wabuya ukubusisa indlu yakhe.


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


Uma kukubi emehlweni enu ukumkhonza uJehova, khethani namuhla ukuthi ngubani eniyakumkhonza, noma onkulunkulu ababakhonzayo oyihlo besengaphesheya koMfula,* noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo; kepha mina nendlu yami siyakumkhonza uJehova.”


Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”


Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”


UPetru esesegcekeni ngaphansi, kwafika enye yamantombazana ompristi omkhulu,


Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali.


Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.


Ungabi mubi ngokudluleleyo, ungabi yisiwula; uyakufelani kungakabi yisikhathi na?


UMikhali indodakazi kaSawule wamthanda uDavide; bamtshela uSawule, kwaba kuhle emehlweni akhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite