Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 6:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula, wabusisa abantu egameni likaSimakade Wamabandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UDavide eseqedile ukunikela iminikelo yokushiswa neminikelo yokubonga, wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 6:18
16 Referans Kwoze  

UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wababusisa abantu egameni likaJehova.


Wema, wabusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli ngezwi elikhulu, wathi:


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


Base besukuma abapristi namaLevi, bababusisa abantu; izwi labo lezwakala, nomkhuleko wabo wafika endaweni yakhe engcwele ezulwini.


Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli lalimi.


Inkosi yayisiphenduka, yalibusisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, lonke ibandla lakwa-Israyeli, lalimi.


UMose wabona wonke umsebenzi; bheka, babewenzile; njengalokho uJehova eyalile, bawenza kanjalo; uMose wababusisa.


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.


UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo.


Wababela bonke abantu esixukwini sonke sakwa-Israyeli, abesilisa nabesifazane, kwaba yilowo nalowo ucezu lwesinkwa, nesicubu senyama, nesigaxa sezithelo zomvini ezomileyo. Base behamba abantu bonke, baya, kwaba yilowo nalowo ekhaya lakubo.


Yathi: “Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:


Lapho uHezekiya nezikhulu beza ukuzibona izinqwaba, bambonga uJehova nabantu bakhe u-Israyeli.


Abadlulayo abasho ukuthi: “Isibusiso sikaJehova masibe phezu kwenu; siyanibusisa egameni likaJehova.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite