Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 6:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UDavide wasina ngamandla akhe onke phambi kukaJehova; uDavide wayebhince indwangu yamahlombe yelineni.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 6:14
20 Referans Kwoze  

USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezingubhu ezinezintambo eziyishumi nemitshingo.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu.*


UJefta weza eMispa endlini yakhe; bheka, indodakazi yakhe yaphuma ukumhlangabeza, iza nezigubhu nokusina; yayingumntwana oyedwa; ngaphandle kwakhe wayengenandodana nandodakazi.


Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,


Waphendula ukukhala kwami kwaba ngukusina; wangikhumula izingubo zami zokulila, wangembathisa ukujabula,


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


“Kepha indodana yakhe enkulu yayisensimini; yathi iseza isondela endlini, yezwa ukuhlabelela nokusina.


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


UDavide wayembethe ingubo yelineni elicolekileyo kanye nawo onke amaLevi ayethwala umphongolo, nabahlabeleli, noKhenaniya induna yokuthwala kwabahlabeleli; uDavide wayenengubo yamahlombe yelineni.


Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni.


nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.


wothanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho.


nibe ngumbuso wabapristi kimi, nesizwe esingcwele. Yilawo mazwi ozakuwakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli.’ ”


UMiriyamu wabaphendula ngokuthi: “Hlabelelani kuJehova, ngokuba uphakeme kakhulu; ihhashi nenkweli yalo ukuphonse elwandle.”


Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


Abahubayo nabasinayo bathi: “Imithombo yami yonke ikuwe.”


Ekungeneni kwabo isikhulu siyakuhamba phakathi kwabo; ekuphumeni bayakuphuma kanyekanye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite