Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Wabusa uJuda eHebhroni iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha. Wabusa u-Israyeli noJuda wonke iminyaka engama-33 eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 EHebroni wabusa phezu kukaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu phezu kuka-Israyeli wonke noJuda.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:5
7 Referans Kwoze  

Isikhathi uDavide eyinkosi ngaso eHebroni phezu kwendlu yakwaJuda sasiyiminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha.


Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.


Izinsuku uDavide abusa ngazo phezu kuka-Israyeli zaziyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, iminyaka engamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.


Bafika abantu bakwaJuda, bamgcoba khona uDavide abe yinkosi yendlu yakwaJuda. Bamtshela uDavide ukuthi: “Abantu baseJabeshi Gileyadi yibo abammbela uSawule.”


Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; uDavide wenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli njengezwi likaJehova ngesandla sikaSamuweli.


Isikhathi abusa ngaso phezu kuka-Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, nengamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.


ngakunika indlu yenkosi yakho, nabafazi benkosi yakho esifubeni sakho, ngakupha indlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda; uma lokho bekukuncane, ngangiyakukwenezela lokhu nalokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite