Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 5:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 UDavide waya ngokuya edlondlobala, ngoba uSimakade uNkulunkulu Wamabandla wayenaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UDavide waqhubeka ekhula, futhi uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 5:10
19 Referans Kwoze  

Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.


Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


UJesu waqhubeka ekuhlakanipheni, nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu.


Umbuso uyakuba mkhulu, ukuthula kungabi nakuphela esihlalweni sobukhosi sikaDavide nasembusweni wakhe, ukuze uqiniswe, usekelwe ngokwahlulela nangokulunga, kusukela manje kuze kube phakade. Ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakwenza lokhu.


Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.


Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.


Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela*


Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti.


UDavide waphuma, waya nomaphi lapho uSawule emthuma khona, waziphatha ngokuhlakanipha; uSawule wambeka phezu kwamadoda empi; wayemuhle emehlweni abantu bonke nasemehlweni ezinceku zikaSawule.


USawule wamesaba uDavide, ngokuba uJehova wayenaye, kepha wayesukile kuSawule.


UDavide waziphatha ngokuhlakanipha kuzo zonke izindlela zakhe; uJehova wayenaye.


nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.


UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Wamisa amakhanda kwa-Edomi; kulo lonke lakwa-Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite