Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Lawo mazwi ka-Ishi Bhoshethi amthukuthelisa kakhulu u-Abhineri, wayesethi: “Kanti mina ngiyikhanda lenja kuJuda yini na? Kuze kube namuhla, ngisalokhu ngikhombisa ukwethembeka kwabendlu kayihlo uSawule, kubafowabo nakubangani bakhe, angikaze ngikunikele esandleni sikaDavide. Manje usungibeka icala ngalo wesifazane!

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abineri wathukuthela kakhulu ngamazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja yini elinomusa kuJuda namuhla endlini kaSawule uyihlo, nakubafowabo, nakubangane bakhe, kangikophulanga na? esandleni sikaDavide ukuthi ungimangalele namuhla ngesikweleti ngalo wesifazane na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:8
16 Referans Kwoze  

Wakhuleka wathi: “Iyini inceku yakho ukuba ubheke inja efileyo njengami na?”


U-Abishayi indodana kaSeruya wayesethi enkosini: “Le nja efileyo ingayithukelani inkosi yami, inkosi, na? Mangiye ngiyinqume ikhanda.”


Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Kepha uHazayeli wathi: “Kodwa iyini inceku yakho eyinja nje ukuba yenze le nto enkulu na?” Wathi u-Elisha: “UJehova ungibonisile ukuthi uyakuba yinkosi e-Aramu.”


Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”


kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”


UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,


USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe.


Ungayingenisi inkokhelo yesifebe nemali yenja endlini kaJehova uNkulunkulu wakho ukugcwalisa isithembiso; kokubili kuyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.


U-Abineri indodana kaNeri induna yempi kaSawule wayethathile u-Ishi Bosheti indodana kaSawule, wamwelisela eMahanayimi,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite