Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Nami ngibuthakathaka namuhla nakuba ngigcotshiwe ukuba ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaZeruya, abalawuleki; uSimakade makaphindisele kulowo owenza okubi njengokwenza kwakhe okubi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Futhi ngibuthakathaka namuhla, noma ngagcotshwa njengenkosi; lawa madoda, amadodana kaSeruya, alukhuni kimi; uJehova uyakubuyisela umenzi wobubi njengobubi bakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:39
30 Referans Kwoze  

Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba, ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.


Banike njengokwenza kwabo nanjengobubi bemisebenzi yabo; banike njengokwenza kwezandla zabo, baphindisele abakwenzileyo.


U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe;


ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.


Susa omubi phambi kwenkosi, bese kuthi isihlalo sayo sobukhosi siqiniswe ngokulunga.


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


usho kuye ukuthi: ‘Xwaya, uthule; ungesabi, nenhliziyo yakho mayingadangali ngemisila emibili yalezi zikhuni ezithunqayo, ngokuvutha kolaka lukaResini ne-Aramu nolwendodana kaRemaliya.


Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.


Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.


Ukwelelesa kwakhe kubuyela ekhanda lakhe; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.


UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


“Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.


Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?


Yathi inkosi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya. Njengokuba ethuka, lokhu uJehova eshilo futhi kuye ukuthi: ‘Thuka uDavide,’ ngubani ongasho ukuthi: ‘Ukwenzeleni lokho na?’ ”


UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


UDavide inkosi wathi kulo lonke ibandla: “USolomoni indodana yami, oyedwa uNkulunkulu amkhethileyo, usengumfana, usathambile, nomsebenzi mkhulu, ngokuba ithempeli alisilo elomuntu kepha ngelikaJehova uNkulunkulu.


Kwabuthana kuye amayiyane, abantu ababi, aziqinisa ukulwa noRehobowamu indodana kaSolomoni, uRehobowamu esemusha, inhliziyo isathambile, engenakumelana nawo.


USedekiya inkosi wayesethi: “Bhekani, usesandleni senu, ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho.”


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”


“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.


UNkulunkulu wabuyisela bonke ububi babantu baseShekemi emakhanda abo, behlelwa yisiqalekiso sikaJothamu indodana kaJerubali.*


Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.”


Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye, ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite