Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Uyazi ukuthi u-Abhineri, indodana kaNeri, ubeze ukuzokukhohlisa, nokwazi ukuphuma nokungena kwakho, nokuthi akwazi konke okwenzayo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi uze ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho nokwazi konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:25
16 Referans Kwoze  

“Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.


“Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.


Ngakho awunakuzilandulela wena muntu, noma ungubani owahlulelayo, ngokuba ngalokho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena, ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.


Ngakho abaFarisi baziphendula bathi: “Kanti nani nidukisiwe na?


Kwaba khona ukukhonona okukhulu ngaye phakathi kwezixuku. Abanye bathi: “Muhle;” abanye bathi: “Qha, ngokuba udukisa abantu.”


UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.


ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’


Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”


Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.”


Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”


UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”


UJowabe wayeseya enkosini, wathi: “Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?


UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u-Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite