Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bheka, izinceku zikaDavide nezikaJowabe zabuya eviyweni, zaletha impango enkulu; kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni, ngokuba wayemmukisile, wahamba ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Khona lapho, kwafika izinceku zikaDavide noJowabe zibuya kohlasela, ziphethe impango eningi. U-Abhineri wayesesukile kuDavide eHebhroni, kwazise wayesemhambise ngokuthula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bheka, izinceku zikaDavide noJowabe zafika zivela ekuxosheni iviyo, zeza nempango enkulu, kepha u-Abineri wayengekho kuDavide eHebroni; ngoba wammukisa, wahamba ngokuthula.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:22
3 Referans Kwoze  

UDavide nabantu bakhe benyuka, bangenela amaGeshuri, namaGirizi, nama-Amaleki, ngokuba lawo ayakhe kulelo zwe kwasendulo ekuyiweni eShuri kuze kube sezweni laseGibithe.


Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye, bamtshela uJowabe ukuthi: “U-Abineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula.”


Indodana kaSawule yayinamadoda amabili ayeyizinduna zamaviyo; igama lenye lalinguBahana negama lenye lalinguRekabi, amadodana kaRimoni waseBeyeroti wabantwana bakwaBenjamini, ngokuba iBeyeroti libalelwa kuBenjamini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite