Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Umyeni wakhe wahamba naye, ekhala emlandela, waze wayofika eBhahurimi. U-Abhineri wayesethi kuye: “Hamba, phindela ekhaya!” Wenza kanjalo, wabuyela emuva.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Indoda yakhe yahamba naye ikhala emva kwakhe kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuye: “Hamba, ubuye.” Wabuya.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:16
9 Referans Kwoze  

UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.


“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.


Wayesethumela u-Ishi Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.


no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,


U-Ishmayeli indodana kaNethaniya waphuma eMispa ukubahlangabeza, ehamba ekhala. Kwathi lapho esehlangana nabo, wathi kubo: “Ngenani kuGedaliya indodana ka-Ahikamu.”


Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite