Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 3:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 U-Abhineri wathumela izithunywa esikhundleni sakhe kuDavide, zayothi kuye: “Ngelikabani leli lizwe na? Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuba ngimlethe kuwe wonke u-Israyeli.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UAbhineri wasethuma izithunywa kuDavida esikhundleni sakhe ukuthi: Ngelikabani ilizwe? futhi uthi: Yenza isivumelwano sakho nami; futhi bheka, isandla sami siyakuba nawe ukuletha wonke u-Israyeli kuwe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 3:12
15 Referans Kwoze  

Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Bheka, base befika bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu amadoda akwaJuda bakwebeleni, bawelisa inkosi nabendlu yayo iJordani kanye nabo bonke abantu bakwaDavide benaye, na?”


Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.”


ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo. Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u-Abisalomu thina sonke besifile namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.


Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.


Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.”


Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite