Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 bafika enqabeni yaseTire, nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani; baphuma baya nangaseningizimu kwaJuda eBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 baze bayofika enqabeni eseThire, nakuyo yonke imizi yamaHivi namaKhanani. Baphuma lapho balibangisa ngaseningizimu yakwaJuda, eBheri Sheba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:7
10 Referans Kwoze  

umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi;


nakuwo amaKhanani ngasempumalanga nangasentshonalanga, nakuwo ama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaJebusi ezintabeni, namaHivi ngaphansi kweHermoni ezweni laseMispa.


Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”


Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.


Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili.


ITire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.


Kwathi lapho onke amakhosi ayengaphesheya kweJordani, ezintabeni, nasemathafeni, nasogwini lonke loLwandle Olukhulu olubhekene neLebanoni, amaHeti, nama-Amori, namaKhanani, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, esezwa lokho,


Amadoda akwa-Israyeli athi kumaHivi: “Mhlawumbe nakhile phakathi kwethu; singenza kanjani isivumelwano nani na?”


ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite