Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lapho ingelosi yelula isandla sayo ukuba ibhubhise iJerusalema, uSimakade wazisola ngalobo bubi, wayimisa ingelosi eyayibhubhisa abantu, wathi: “Sekwanele.” Ingelosi kaSimakade yayisesibuyeni sika-Arawuna, umJebusi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi ingelosi yelulela isandla sayo eJerusalema ukuyichitha, uJehova wazisola ngobubi, wathi engelosini eyayibhubhisa abantu: “Kwanele, bamba isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:16
37 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.


Wayesezisola uJehova ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe.


Kepha ingelosi yeNkosi yamshaya khona lapho, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, wafa.


USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.


Kwathi ngalobo busuku kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu zodwa ezifileyo.


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


UJehova wathuma ingelosi eyanquma onke amaqhawe anamandla, nabaholi, nezinduna ekamu* lenkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela ezweni layo ijabhile. Isingenile endlini kankulunkulu wayo, ababephume ezibilinini zayo bayibulala khona ngenkemba.


Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi;


Weza ngokwesithathu, wathi kubo: “Nisalele namanje niphumula. Kwanele, ihora lifikile; bhekani, iNdodana yomuntu isiyakhashelwa ezandleni zezoni.


Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo, nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.


UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.


Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Ngokuba uJehova uyakwahlulela abantu bakhe, ahawukele izinceku zakhe.


Buya, Jehova! Koze kube nini na? Hawukela izinceku zakho.


Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo, akabhubhisanga; yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe, akavusanga lonke ulaka lwakhe.


Indlela yabo mayibe mnyama, ibebushelezi, ingelosi kaJehova ibaxoshe.


Kodwa yena wahamba ibanga losuku ehlane, waya wahlala phansi konwele, wacela enhliziyweni yakhe ukuba afe, wathi: “Sekwanele; manje, Jehova, sale usuthatha umphefumulo wami, ngokuba angilungile kunawobaba.”


UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”


SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu; inceku yathi enkosini yayo: “Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.”


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.


Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


UJehova wayesephenduka ebubini abethi uzakubenza kubantu bakhe.


Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.


“UHezekiya inkosi yakwaJuda naye wonke uJuda bambulala impela na? Angithi bamesaba uJehova, bamncenga uJehova, uJehova wabuya kukho okubi ayekukhulume kubo, na? Besiyakwenza okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yethu.”


namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi,


‘Uma nihlala nokuhlala kuleli zwe, ngiyakunakha nginganidilizi, nginitshale nginganisiphuli, ngokuba ngiyazisola ngokubi engikwenzile kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite