Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esimisiweyo;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:15
11 Referans Kwoze  

UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa.


UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


Ngokuba isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso, kube khona indlala nokuzamazama komhlaba izindawo ngezindawo.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.


Phezu kwesigaba senyanga yesibili kwakunguDodayi umAhohi nesigaba sakhe; kwakukhona nombusi uMikiloti; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Wabulala abantu baseBeti Shemeshi, ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu; abantu balila, ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.


Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite