Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 24:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UGadi wafika kuDavide wambikela, wathi kuye: “Izofika yini kuwe: iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma izinyanga ezintathu ubaleka ezitheni eziyobe zilokhu zikuxoshile, noma izinsuku ezintathu zobhubhane ezweni lakini na? Manje-ke, cabangisisisa, unqume ukuthi mpendulo yini engizokuyibuyisela kongithumileyo.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UGadi wasefika kuDavida, wamtshela wathi kuye: Ufike phezu kwakho iminyaka eyisikhombisa yendlala elizweni lakini? Noma uyakubalekela izitha zakho izinyanga ezintathu, zikuxoshe? noma kukhona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini? ake welulekeni, nibone ukuthi ngizakumphendula bani ongithumileyo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 24:13
20 Referans Kwoze  

‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”


Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”


Ngiyakunehlisela inkemba yempindiselo eyakuphindisela isivumelwano sami; senibuthelwe emizini yenu, ngiyakuthuma isifo phakathi kwenu, ninikelwe esandleni sesitha.


Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;


“Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,


Siyakukuvimbezela kuwo onke amasango akho, zize ziwe izingange zakho owazethembayo ezweni lakho lonke, sikuvimbezele kuwo onke amasango akho ezweni lakho lonke uJehova uNkulunkulu wakho akunike lona.


UJehova uyakukushaya emadolweni akho nasemilenzeni ngamathumba amabi ongenakuphulukiswa kuwo, kusukela ematheni onyawo lwakho kuze kufike okhakhayini lwakho.


UJehova uyakukushaya ngamathumba aseGibithe, nangamaqhubu, nangomuna, nangokhwekhwe ongenakuphulukiswa kukho.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


UJehova uyakukushaya ngesifuba, nangomkhuhlane, nangesivuvushisa somzimba, nangokushisa okukhulu, nangenkemba, nangokuhamuka, nangesikhutha; kuyakukuxosha uze uphele.


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


nobhadane oluhamba ebumnyameni, nesifo esibhubhisayo emini enkulu.


“Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”


Zaphelela izinsuku eziyisikhombisa, selokhu uJehova eshayile umfula.


Ngalokho yazi, ubone ukuthi uyakwenzani, ngokuba okubi sekunqunyelwe inkosi yethu nendlu yayo yonke, lokhu engumuntu omubi kangaka, ukuze umuntu angekhulume naye.”


U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite