Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 U-Abhishayi, umfowabo kaJowabe, indodana kaZeruya, wayeyinhloko yalabo abangama-30. Wagwaza ngomkhonto wakhe abangama-300, wababulala, wazenzela igama phakathi kwalabo abathathu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Yena waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwabathathu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:18
11 Referans Kwoze  

Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi, bangena emzini. UJowabe wayesebuya kubantwana bakwa-Amoni, weza eJerusalema.


abantu abaseleyo wababeka esandleni sika-Abishayi umfowabo, wabahlela ukuba balwe nabantwana bakwa-Amoni.


UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”


odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.


Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.


OJowabe no-Abishayi umfowabo base bembulele u-Abineri, ngokuba wayebulele umfowabo u-Asaheli eGibeyoni empini.


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.


Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite