Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 23:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Lawo maqhawe amathathu afohla, angena enkanjini yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni eBhethlehema ongasesangweni. Awathatha awaletha kuDavide, kodwa akavumanga ukuwaphuza; wawathululela uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lawo maqhawe amathathu afohla impi yamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawusesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, wawathululela kuJehova.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 23:16
12 Referans Kwoze  

Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela, sikubona lokhu ukuthi munye owafela bonke; ngakho-ke bonke sebafa;


UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo.


ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle;


Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.


Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke;


Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;


wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe, wabulala umFilisti, uJehova wamenzela wonke u-Israyeli insindiso enkulu, wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?”


Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.


Labo abathathu bafohla ikamu* lamaFilisti, bakha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, bawathatha, bawaletha kuDavide; kepha uDavide akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova, wathi:


Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite