Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswe ngakho.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:9
17 Referans Kwoze  

ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo, amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.


Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.”


Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.


Bheka, igama likaJehova livela kude, livutha ngolaka lwakhe, linzima ngamafu; izindebe zakhe zigcwele intukuthelo, nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova, ngokufutha komoya wamakhala akho.


Kwenyuka umusi emakhaleni akhe, nomlilo odlayo emlonyeni wakhe; amalahle avutha kuye.


Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela.


Kwase kubonakala imisinga yamanzi; izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sikaJehova, ngokufutha komoya wamakhala akhe.


Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe kwavuthiswa amalahle omlilo.


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


Ukubonakala kwenkazimulo kaJehova kwakunjengomlilo oqedayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli.


Yonke intaba yaseSinayi yathunqa umusi, ngokuba uJehova wehlela phezu kwayo ngomlilo; umusi wayo wenyuka njengomusi wesithando; intaba yonke yazamazama kakhulu.


Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite