Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 22:43 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

43 Ngabashaya ngabacolisisa njengothuli lomhlabathi; ngabadovadova njengodaka emgwaqweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Ngabashaya bancane njengothuli lomhlaba, ngabagxoba njengodaka lwasemgwaqweni, ngabasakaza.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 22:43
15 Referans Kwoze  

Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.


Bayakuba njengamaqhawe anyathela udaka ezitaladini ekulweni; bayakulwa, ngokuba uJehova unabo, nezinkweli zamahhashi ziyakujabha.


Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


“Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.


Kwase kuchotshozwa kanyekanye insimbi, nebumba, nethusi, nesiliva, negolide, kwaba njengamakhoba ezibuya zasehlobo, kwasuswa ngumoya, akutholwanga ndawo; itshe elalisishaya isithombe laba yintaba enkulu, lawugcwalisa umhlaba wonke.


Wandisa isizwe, Jehova, wandisa isizwe, wadunyiswa, wavula yonke imikhawulo yezwe.


Mababe njengamakhoba emoyeni, ingelosi kaJehova ibadudule.


Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.


Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula, ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”


“Ngubani ovusile ukulunga kuphume empumalanga, akubize ukuba kumlandele, anikele izizwe phambi kwakhe, amenze ukuba abuse amakhosi, abenze babe njengothuli ngenkemba yakhe, nanjengamabibi aphephezeliswayo ngomnsalo wakhe, na?


“Ukhona engimvusile esenyakatho, wafika, nasempumalanga, ukuba abize igama lami; uyakwehlela phezu kwezikhulu njengaphezu kodaka, njengombumbi exova ibumba.


nganginawe nomaphi lapho wawuya khona, nganquma zonke izitha zakho ngaphambi kwakho; ngiyakukwenza igama elikhulu njengegama labakhulu abasemhlabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite