Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Inkosi nokho yamshiya uMefibhoshethi, indodana kaJonathani kaSawule, ngenxa yesifungo kuSimakade abasenza esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani, indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani indodana kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:7
16 Referans Kwoze  

UJonathani indodana kaSawule wayenendodana elunyonga ngezinyawo. Yayineminyaka eyisihlanu ekufikeni kombiko ngoSawule noJonathani uvela eJizreyeli; umzanyana wayo wayithatha, wabaleka; kwathi eseshesha ukubaleka, yawa, yaba lunyonga. Igama layo lalinguMefibosheti.


Benza isivumelwano bobabili phambi kukaJehova; uDavide wahlala eHoreshi, uJonathani waya endlini yakhe.


kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.”


OJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba wamthanda njengenhliziyo yakhe.


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.


Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.


UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.


Kwathi esefike eJerusalema ukuyihlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibosheti, na?”


Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.” Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”


UDavide wayesethi kuye: “Ungesabi, ngokuba impela ngiyakukwenzela umusa ngenxa kaJonathani uyihlo, ngikubuyisele lonke izwe likayihlo uSawule, udle njalo etafuleni lami.”


UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.


UDavide wathi: “Usekhona yini osele endlini kaSawule ukuba ngimenzele umusa ngenxa kaJonathani na?”


Ngithi: Gcina izwi lenkosi ngenxa yesifungo ngoNkulunkulu.


UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


UMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule wafika kuDavide, wawa ngobuso, wakhuleka. UDavide wathi: “Mefibosheti.” Wathi: “Nansi inceku yakho.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite