Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Masinikwe yena nabantu abayisikhombisa bozalo lwakhe, sizobaphanyeka phambi kukaSimakade eGibheya likaSawule, okhethiweyo kaSimakade.” Inkosi yathi: “Ngizoninika bona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Masinikwe amadoda ayisikhombisa emadodaneni akhe, siwalengise phambi kukaJehova eGibeya likaSawule uJehova alikhethileyo. Inkosi yasisithi: Ngizabanika.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:6
22 Referans Kwoze  

USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Mbhekeni amkhethileyo uJehova ukuthi akakho onjengaye kubantu bonke.” Base bekhamuluka abantu bonke, bathi: “Mayime njalo inkosi.”


Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala.


Naye uSawule waya ekhaya lakhe eGibeya; kwahamba naye impi ezinhliziyo zayo uNkulunkulu azithintile.


Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.


Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.


amadodana ayishumi kaHamani indodana kaHamedatha, isitha sabaJuda, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


“Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi, makukhishwe umuthi endlini yakhe, aphakanyiswe, abethelwe kuwo, indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho,


Umuntu othile wakubona, wamtshela uJowabe, wathi: “Bheka, ngibone u-Abisalomu ephanyekekile e-okini.”*


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?


Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


“Uma umuntu enzile isono esifanele ukufa, abulawe, umphanyeke emthini,


kepha wayiphanyeka induna yabaphekizinkwa, njengalokho ebebachazele uJosefa.


zingakadluli izinsuku ezintathu, uFaro uzakuphakamisa ikhanda lakho, alisuse kuwe, akuphanyeke emthini; izinyoni ziyakudla inyama yakho, ziyisuse kuwe.”


Ngalokho ngifungele uJehova ukuthi awuyikunquma inzalo yami emva kwami nokuthi awuyikwesula igama lami endlini kababa.”


Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”


UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


inhloko u-Ahiyezeri noJowashi amadodana kaShemaha waseGibeya, noJeziyeli noPheleti amadodana ka-Azimaveti, noBerakha, noJehu wase-Anathoti,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite