Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 21:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Kwabuye kwaba khona ukulwa phakathi kwamaFilisti no-Israyeli. UDavide nezinceku zakhe behla, balwa namaFilisti. UDavide waphelelwa ngamandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngaphezu kwalokho, amaFilisti aphinda futhi alwa no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zilwa naye namaFilisti; uDavide wadinwa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 21:15
14 Referans Kwoze  

ngalolo suku lapho abalindi bendlu beyakuthuthumela, amadoda anamandla agobe, abasilikazi bayeke ngokuba beyingcosana, abalunguza emafasiteleni bafiphazelwe,


Ungangilahli esikhathini sobudala, ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,


Emva kwalokho kwavuka impi namaFilisti eGezeri; khona uSibekayi, umHushati, wabulala uSiphayi wamadodana amaRefa; anqotshwa.


UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.


AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.


Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.


Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.


Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.


U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide.


Kwathi emva kwalokho uDavide wawashaya amaFilisti, wawahlula, wathatha itomu lomzimkhulu esandleni samaFilisti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite