Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Unjani mfowethu?” UJowabe wabamba u-Amasa isilevu, ngesandla sakhe sokunene, wamanga.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJowabe wasesithi kuAmasa: Uyaphila, mfowethu? UJowabe wabamba u-Amasa ngentshebe ngesandla sokunene ukuze amange.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:9
14 Referans Kwoze  

Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.


Umlomo wakhe ubushelezi kunephehlwa, kepha inhliziyo yakhe iyimpi; amazwi akhe athambile kunamafutha; nokho ayizinkemba ezikhokhiweyo.


U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


Kwathi lapho kusondela umuntu ukuba akhuleke kuye, waselula isandla sakhe, wambamba, wamanga.


U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U-Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu-Itira umIsrayeli, owangena ku-Abigali indodakazi kaNahashi, udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.


Inkosi yathi: “Isahlezi kahle insizwa u-Abisalomu na?” U-Ahimahasi wathi: “Ngabona isixuku sabantu, lapho uJowabe inceku yenkosi ethuma inceku yakho, kepha angazanga ukuthi kuyini.”


UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.


Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.


Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi kunjengesitsha sebumba esinamekwe ngamanyela esiliva.


Amanxeba othandayo athembekile, kepha ukwanga kwesitha kuyachichima.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite