Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Owesifazana wasesiya ebantwini bonke ngokuhlakanipha kwakhe. Balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBigi, baliphonsa kuJowabe. Wabetha icilongo, basuka emzini, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:22
10 Referans Kwoze  

Ukuhlakanipha kumenza ohlakaniphileyo ukuba abe namandla kunababusi abayishumi abasemzini.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Ngenxa yokuba ububi obenziwayo bungahlulelwa masinyane, ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu phakathi kwawo zigcwele ukwenza okubi,


Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini, wathi: “Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ”


UJowabe wayesebetha icilongo, abantu babuya ekumxosheni u-Israyeli, ngokuba uJowabe wabagodla abantu.


UJowabe wayesebetha icilongo; bonke abantu bema, ababe besamxosha u-Israyeli, futhi ababe besalwa.


Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite