Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini.” Wayesethi owesifazane kuJowabe: “Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Akusiyo inhloso yami leyo. Kepha indoda yakwelezintaba kwa-Efrayimi, egama layo nguSheba, indodana kaBhikhiri, ivukele inkosi uDavide; nginikeni yona kuphela ukuze ngihambe ngiwushiye umuzi.” Owesifazane wathi kuJowabe: “Uyabona-ke, ikhanda lakhe lizophonswa kuwe ngaphandle kogange.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguSeba, indodana kaBikri, waphakamisa isandla sakhe emelene nenkosi, emelene noDavide; msindise, ngisuke emzini. Owesifazana wasesithi kuJowabi: Khangela, ikhanda lakhe liphoselwe phezu komduli ngenxa yakho.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:21
17 Referans Kwoze  

Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


Ngokuba izwi liyamemezela liphuma kwaDani; lizwakalisa okubi kuvela ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Kwathi incwadi isifikile kubo, bawathatha amadodana enkosi, bawabulala, abantu abangamashumi ayisikhombisa, babeka amakhanda awo emaqomeni, bawathuma kuye eJizreyeli.


Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile ngokuthi: ‘Bheka, manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zamadodana abaprofethi zivela ezintabeni zakwa-Efrayimi; ake uzinike italenta* lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


UDavide wathi ku-Abishayi: “Ungambulali, ngokuba ngubani ongelulela isandla sakhe kogcotshiweyo kaJehova, angabi nacala, na?”


Wathi kubantu bakhe: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze okunjalo kuyo inkosi yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.”


UGideyoni wayesethuma izithunywa ezintabeni zonke zakwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani, nihlangabezane nabakwaMidiyani, nibavimbe emanzini kuze kube seBetha Bara naseJordani.” Onke amadoda akwa-Efrayimi ayesebuthana, abavimbela emanzini kwaze kwaba seBetha Bara naseJordani.


Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Heresi ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba yakwaGahashi.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.


UJowabe waphendula wathi: “Makube kude, makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.


UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.


Kwathi abantu bakwa-Israyeli bebonile ukuthi u-Abimeleki ufile, bamuka baya, kwaba yilowo nalowo endaweni yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite