Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka, ababe besamlandela uDavide, base belandela uSheba, indodana kaBhikhiri. Abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kufike eJerusalema.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bonke abantu bakwa-Israyeli benyuka besuka kuDavide, balandela uSheba indodana kaBigi; kepha abantu bakwaJuda banamathela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:2
12 Referans Kwoze  

wathi ukuba afike, abone umusa kaNkulunkulu, wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.


Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.


Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga; esilinganisweni bayakhuphuka, balula kunomoya bonke.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.


Yayisibuya inkosi, yafika eJordani; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini.” Wayesethi owesifazane kuJowabe: “Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.”


Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite