Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 20:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Mina ngingowokuthula nothembekile kwa-Israyeli. Kungani ufuna ukubhubhisa umuzi ongunina ka-Israyeli na? Yini ufune ukudla ifa likaSimakade na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngingomunye wabathanda ukuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; nifuna umuzi nomama kwa-Israyeli; Niyakushwabadelani ifa likaJehova na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 20:19
29 Referans Kwoze  

Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?”


amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.


Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ”


Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.


Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”


INkosi isinjengesitha, imgwinyile u-Israyeli; yagwinya zonke izindlu zakhe zobukhosi, yachitha izinqaba zakhe; yandisile endodakazini yakwaJuda ukukhala nokulila.


INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Ngiyakuhambela uBeli eBabele, ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayikugobhozela kuye, ugange lwaseBabele luyakuwa.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


ngabe sebesigwinyile ekuvutheni kolaka lwabo kithina;


Abaholi baphela kwa-Israyeli, banqamuka, ngaze ngavuka mina Debora, ngavuka ngingunina kwa-Israyeli.


Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.


umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso.


umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya nezindlu zabo, nabantu bonke bakaKora, nempahla yabo yonke.


U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?


“Nxa usondela emzini ukulwa nawo, mawumemezele ukuthula kuwo.


Ngokuba inkosi iyakuzwa, yophule incekukazi yayo esandleni somuntu oyakungichitha mina nendodana yami efeni likaNkulunkulu.’


Wathi-ke: “Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi: ‘Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela.’ Base beqeda.


UJowabe waphendula wathi: “Makube kude, makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe.


USamuweli wayesethatha umfuma wamafutha, wawathela ekhanda lakhe, wamanga, wathi: “Angithi uJehova ukugcobile ukuba ube ngumholi wefa lakhe na?


Ngokuba wena wabahlukanisa nabantu bonke bomhlaba, babe yifa lakho, njengalokho wakhuluma ngesandla sikaMose inceku yakho ekukhipheni obaba eGibithe, Nkosi Jehova.”


Sibusisiwe isizwe esiNkulunkulu waso nguJehova, isizwe asikhethileyo sibe yifa lakhe.


Esalandele izimvukazi ezenyisayo, yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe, nefa layo u-Israyeli.


ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho, ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho, ngizibonge kanye nefa lakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite