Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 wambeka inkosi kwaGileyadi, nakuma-Ashurimi, naseJizreyeli, nakwa-Efrayimi noBenjamini, nakwa-Israyeli wonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 wamenza inkosi kwaGileyadi, naseAsiriya, naseJizreyeli, nakuEfrayimi, nakuBenjamini, nakuIsrayeli wonke.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:9
19 Referans Kwoze  

Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngokuba abawaxoshanga.


Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,


Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuyo phezulu, bonke abangaphuma impi:


Wayesethi uLeya: “Yisibusiso sami! Ngokuba izintombi ziyakungibiza ngokuthi ngingobusisiweyo,” waqamba igama layo ngokuthi u-Asheri.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya, bamuka kubantwana bakwa-Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose;


AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.


U-Ishi Bosheti indodana kaSawule wayeneminyaka engamashumi amane ekuqaleni kwakhe ukubusa phezu kuka-Israyeli; wabusa iminyaka emibili. Kepha indlu yakwaJuda yamlandela uDavide.


Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.


Kubantwana bakwaBenjamini, abafowabo bakaSawule, yizinkulungwane ezintathu, ngokuba kuze kube manje imvama yabo yayithembekile endlini kaSawule.


Umkhawulo wabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo wawunje: umkhawulo wefa labo ngasempumalanga wawuyi-Atharoti Adari kuze kube seBeti Horoni laseNhla;


Kusukela eTaphuwa umkhawulo waya ngasentshonalanga, wafika emfudlaneni iKhana; ukuphuma kwawo kwakuselwandle. Lelo liyifa lesizwe sabantwana bakwa-Efrayimi ngemindeni yabo


kanye nemizi eyahlukaniselwa abantwana bakwa-Efrayimi phakathi kwefa labantwana bakwaManase, yonke imizi nemizana yayo.


Lesi siyisabelo sesizwe sakwaManase, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakiri-ke, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi, wathola elakwaGileyadi neBashani, lokhu eyindoda yempi.


Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.


IJordani lalingumkhawulo walo ngasohlangothini lwasempumalanga. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini njengemikhawulo yabo nxazonke ngemindeni yabo.


Kubantwana bakwa-Efrayimi yizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu ayisishiyagalombili, amaqhawe anamandla, abantu abanegama ezindlini zawoyise.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite