Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 U-Abineri wayesememeza kuJowabe, wathi: “Inkemba iyakudla njalonjalo na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni na? Koze kube nini ungabayali abantu ukuba babuye ekubalandeleni abafowabo na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 U-Abhineri wayesememeza uJowabe, wathi: “Inkemba iyakubhubhisa njalo njalo yini na? Awazi yini ukuthi kuyakuba khona umunyu ekugcineni? Kuyoze kube nini ngaphambi kokuba ubayale abantu ukuba babuye ekuhubheni abafowabo na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 U-Abineri wayesembiza uJowabe, wathi: “Inkemba izophela kuze kube phakade na? Anazi yini ukuthi ekugcineni kuyoba umunyu? koze kube nini ungayaleli abantu ukuba babuye ekulandeleni abafowabo na?

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:26
17 Referans Kwoze  

“Yazisani eGibithe, nizwakalise eMigidoli, nizwakalise naseNofi naseThahipanesi, nithi: ‘Suka ume, uzilungise, ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’


Nangangomuso wafika kubo belwa, wazama ukubalamula, babuyisane, wathi: ‘Madoda, ningabazalwane; niphathanelani kabi na?’


Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye. Inkemba iyakudla isuthe, izanelise ngegazi labo, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Inkemba iyakutheleka emizini yabo, iqede imigoqo yayo, ibadle ngenxa yeziluleko zabo.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?


“Ngibashayele ize abantwana benu, abakwamukelanga ukulaywa; inkemba yenu ibadlile abaprofethi benu njengengonyama echithayo.


kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.


Ukuqala kokuxabana kunjengokuvula amanzi; ngalokho yeka inkani, ingakashisi.


Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*


“Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?


“Koze kube nini nibekela amazwi ami izingibe na? Qondani, andukuba sikhulume.


UDavide wayesethi kuso isithunywa: “Uyakusho kanje kuJowabe, uthi: ‘Le nto mayingabi mbi emehlweni akho, ngokuba inkemba idla omunye njengomunye; qinisa impi yakho ngasemzini, uwuchithe;’ bese wumqunga isibindi.”


Zabambana ngekhanda, zagwaza ngenkemba ohlangothini lwezimelene nazo, zawa kanyekanye; ngalokho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iHelikati Hasurimi eliseGibeyoni.


U-Abineri wathi kuJowabe: “Ake zisuke izinsizwa, ziqakulizane phambi kwethu.” UJowabe wathi: “Mazisuke.”


Abantwana bakwaBenjamini babuthana emva kuka-Abineri, baba yiviyo linye, bema esiqongweni segquma elithile.


UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite