Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 2:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma bahlangana ngasechibini laseGibeyoni; bahlala phansi, abanye ngalapha kwechibi, abanye ngalapho kwechibi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 UJowabe, indodana kaZeruya nezinceku zikaDavide, baphuma, bahlangana nabo ngasechibini eGibheyoni. Bahlala phansi, abanye ngakulolu hlangothi lwechibi, abanye bahlala ngakolunye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJowabe indodana kaSeruya nezinceku zikaDavide baphuma, bahlangana echibini laseGibeyoni; bahlala phansi, omunye engapha kokugeza omunye engapha kokugeza.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 2:13
13 Referans Kwoze  

odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu.


UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


bathatha bonke abantu, baya ukulwa no-Ishmayeli indodana kaNethaniya, bamfumana ngasemanzini amaningi aseGibeyoni.


UDavide wathi: “Lowo ochitha amaJebusi kuqala uyakuba yinhloko nenduna.” Kwenyuka kuqala uJowabe indodana kaSeruya, waba yinhloko.


Wacebisana noJowabe indodana kaSeruya no-Abiyathara umpristi; bamsiza u-Adoniya, bamlandela.


UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti;


Amadodana amathathu kaSeruya ayelapho, oJowabe, no-Abishayi, no-Asaheli; u-Asaheli wayenezinyawo ezilula njengensephe.


Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.


“Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya, nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zakwa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula, wabeka igazi lokulwa kulo ibhande* lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.


UDavide wayesethatha washo ku-Ahimeleki umHeti naku-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, ethi: “Ngubani oyakwehla nami ukuya kuSawule ekamu* na?” U-Abishayi wathi: “Ngiyakwehla nawe.”


Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,


Eyesine ngenyanga yesine kwakungu-Asaheli umfowabo kaJowabe noZebadiya indodana yakhe emva kwakhe; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite