Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 UJowabe wangena endlini yenkosi, wathi kuyo: “Namuhla uzidumazile izinhliziyo zazo zonke izinceku zakho ezisindise ukuphila kwakho ngalolu lusuku, nokuphila kwamadodana namadodakazi akho, abafazi bakho nezancinza zakho,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 UJowabe wayesengena endlini enkosini, wathi: “Ubujabhisile namuhla ubuso bezinceku zakho zonke ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho, namadodakazi akho, nokuphila kwawomkakho”, nokuphila kwezancinza zakho;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:5
9 Referans Kwoze  

Insindiso ingekaJehova; isibusiso sakho masibe kubantu bakho. Sela*


Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.


Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”


Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”


ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo. Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u-Abisalomu thina sonke besifile namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho.


Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”


UDavide wenyuka ngommango weNtaba Yeminqumo, enyuka ekhala, egubuzele ikhanda, engenazicathulo; bonke abantu ababenaye bagubuzela, kwabayilowo nalowo ikhanda lakhe, benyuka, benyuka bekhala.


Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite