Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:39 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

39 Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela. Inkosi yamanga uBharizilayi, yambusisa; wayesebuyela ekhaya.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Bonke abantu bawela iJordani. Inkosi isifikile, inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:39
18 Referans Kwoze  

ULabani wavuka ekuseni, wawanga amadodana akhe namadodakazi akhe, wawabusisa; wayesehamba uLabani, wabuyela endaweni yakhe.


Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.


UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro.


Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.


Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga,


USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina: “Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo –


Wayeseshiya izinkabi, wagijima wamlandela u-Eliya, wathi: “Ake ngange ubaba nomame, bese ngikulandela.” Wathi kuye: “Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?”


Wayeseya uJowabe enkosini, wayitshela; isimbizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo, ubuso bakhe bubheke phansi, phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.


Inkosi yathi ku-Abisalomu: “Qha, ndodana yami, masingahambi sonke, funa sikusinde.” Wayicindezela; nokho ayivumanga ukuhamba, kodwa yambusisa.


UDavide wayesebuya ukubusisa indlu yakhe. UMikhali indodakazi kaSawule waphuma ukumhlangabeza uDavide, wathi: “Yeka udumo lwenkosi ka-Israyeli namuhla, ezambulile namuhla emehlweni ezincekukazi zezinceku zakhe njengomunye wamayiyane, ezambula nokuzambula.”


UDavide eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa nangeminikelo yokuthula wabusisa abantu egameni likaJehova Sebawoti.


UDavide wafunga kuSawule; uSawule wagoduka, kepha uDavide nabantu bakhe bakhuphukela enqabeni.


UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.


UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.


Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba.


Inkosi yathi: “UKimihamu angawela nami, mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite