Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 Kwawela isikebhe sokuweza abendlu yenkosi, okuyisenzo esaba sihle emehlweni ayo. UShimeyi, indodana kaGera, wakhothama wathi mbo phansi ngobuso phambi kwenkosi, ngesikhathi iwela iJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke kwagibela umkhumbi ukuze kudluliswe indlu yenkosi futhi yenze lokho ekubona kufanele. USimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi ekuweleni kwayo iJordani;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:18
10 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.”


Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.


Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli icala, futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.


“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: “UnguSiba na?” Wathi: “Inceku yakho inguye.”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.


Wayesethi uMefibosheti enkosini: “Makathathe konke, njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite