Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 19:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Weza nabantu abayinkulungwane bakwaBhenjamini, uZiba, inceku yendlu kaSawule, amadodana akhe ali-15, nezinceku zakhe ezingama-20, bashesha bafika eJordani phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kwakukhona kanye naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili kanye naye; bawela iJordani phambi kwenkosi.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 19:17
8 Referans Kwoze  

Kwakukhona endlini kaSawule inceku egama layo linguSiba; bambizela kuDavide; inkosi yathi kuye: “UnguSiba na?” Wathi: “Inceku yakho inguye.”


Uyakumlimela umhlabathi, wena namadodana akho nezinceku zakho, uvune ukuba indodana yenkosi yakho ibe nokudla, kepha uMefibosheti indodana yenkosi yakho uyakudla njalo etafuleni lami.” USiba wayenamadodana ayishumi nanhlanu nezinceku ezingamashumi amabili.


Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.


Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.


Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.


“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite