Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 UDavide wathuma ingxenye yesithathu yabantu phansi kwesandla sikaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yasisithi ebantwini: Mina ngizaphuma lami lami.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:2
14 Referans Kwoze  

Wahlukanisela amadoda angamakhulu amathathu izigaba ezintathu, wawanika, kwaba yileyo naleyo amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho, nezimbaqa zisezitsheni.


Angesabi amashumi ezinkulungwane zabantu abangihaqile nxazonke.


“Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi, wena uqobo lwakho uye empini.


Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu; bafika phakathi kwekamu* ngomlindo wokusa, babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.


Wathatha abantu, wabahlukanisela izigaba ezintathu, waqamekela endle; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.


UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye base befika emaphethelweni ekamu ngasekuqaleni komlindo ophakathi, besand' ukubeka abalindi; babetha amacilongo, baphohloza izitsha abaziphetheyo ngezandla.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.


Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe – wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe – wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.


UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi, uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite