Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Bamthatha u-Abisalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; bonke abakwa-Israyeli, kwaba yilowo nalowo, babalekela ematendeni abo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 Bamthatha u-Absalomu, bamlahla emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba yamatshe enkulu kakhulu; bonke abakwa-Israyeli, yilowo nalowo, wabalekela ethendeni lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Bamthatha u-Abisalomu, bamphonsa emgodini omkhulu ehlathini, babeka phezu kwakhe inqwaba enkulu kakhulu yamatshe; wonke u-Israyeli wabaleka, kwaba yilowo nalowo waya etendeni lakhe.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:17
15 Referans Kwoze  

Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola.


Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.


Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”


Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


Kwathi ngesikhathi sokushona kwelanga uJoshuwa wayala, bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona, babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla.


bathi kumalunga omuzi: ‘Le ndodana yethu inenkani, ayizwa, ayilaleli izwi lethu; iyisishingi nesidakwa.’


Onke amadoda omuzi wakubo ayakumkhanda ngamatshe aze afe; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli ezwe, esabe.


AmaFilisti alwa, u-Israyeli wachithwa, babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe; kwaba khona ukuceka okukhulu, ngokuba kwawa ku-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu aba yimigundatshani.


UJoramu wayesewelela eSayiri, nazo zonke izinqola zakhe zinaye; wavuka ebusuku, wamchitha u-Edomi omhaqileyo nxazonke, nezinduna zezinqola, kepha abantu babalekela ematendeni abo.


UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.


UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho


Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite