Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 18:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UDavide wabala abantu ababe naye, wabeka phezu kwabo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 UDavide wababala abantu ababenaye, wayesebabekela izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UDavide wayesebala amadoda ayenaye, wabeka phezu kwawo izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 18:1
8 Referans Kwoze  

iyakuzibekela wona abe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamashumi ayisihlanu, alime umhlabathi wayo, avune isivuno sayo, enze izikhali zayo zokulwa nempahla yezinqola zayo.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, wabutha abantu, wakhuphuka, yena namalunga akwa-Israyeli, phambi kwabantu, waya e-Ayi.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”


UMose wakhetha amadoda anamandla phakathi kuka-Israyeli wonke, wawabeka aba yizinhloko phezu kwabantu, izinduna zezinkulungwane, nezinduma zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.


USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu,


Futhi-ke wozifunela phakathi kwabantu bonke amadoda anamandla amesabayo uNkulunkulu, amadoda athembekileyo, azonda inzuzo engalungile, uwabeke phezu kwabo, abe yizinduna zezinkulungwane, nezinduna zamakhulu, nezinduna zamashumi ayisihlanu, nezinduna zamashumi.


Kuyakuthi lapho izinduna seziqedile ukukhuluma, zikhethe izinduna zamabandla eziyakubahola abantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite