Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Bheka, manje ucashe emgodini noma kwenye indawo. Kuyothi lapho amabutho ethu eqala ukubathelekela, umuntu oyokuzwa uyothi: ‘Abantu abalandela u-Absalomu babulewe.’

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bhekani, manje ucashile komunye umgodi noma kwenye indawo; uma abanye kubo beketulwa kuqala, yilowo nalowo ozwayo uyakuthi: ‘Kukhona ukubulalana phakathi kwabantu abalandela u-Abisalomu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:9
10 Referans Kwoze  

Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.


UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye.


Bayakuphuma, basilandele, size sibasuse emzini, ngokuba bayakusho ukuthi: ‘Babaleka phambi kwethu njengakuqala,’ bese sibaleka phambi kwabo;


Amadoda ase-Ayi abulala abantu abangamashumi amathathu nesithupha, abaxosha esuka phambi kwesango aze afika eShebarimi, ababulala emthambekeni; izinhliziyo zabantu zaphela amandla, zaba njengamanzi.


Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.


naye onesibindi, onhliziyo yakhe injengenhliziyo yengonyama, uyakuphela amandla, ngokuba wonke u-Israyeli uyazi ukuthi uyihlo uyiqhawe, nabanaye bangamadoda anamandla.


Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.


Manihambe, niqinise, nazi, nibone indawo yakhe lapho kukhona unyawo lwakhe nokuthi ubonwe ngubani khona, ngokuba ngitsheliwe ukuthi unobuqili impela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite