Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba, uHusayi wathi, wena uyamazi uyihlo labantu bakhe ukuthi bangamaqhawe, futhi bachothozekile ezinhliziyweni zabo njengebhere eliphucwe amawundlu alo egangeni; futhi uyihlo uyindoda yempi futhi akafuni ukulala nabantu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:8
20 Referans Kwoze  

Ngitheleka phezu kwabo njengebhere* elaphuciwe amawundlu alo, ngidwengula ubhedu lwenhliziyo, ngibadle njengengonyamakazi, isilwane sasendle sibaqaqe.


Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”


“Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere,* samiswa ngolunye uhlangothi, izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso; kwathiwa kuso: ‘Vuka, udle inyama eningi.’


Umuntu makahlangane nebhere* elaphuciwe amawundlu alo kunesiwula ebuwuleni baso.


Njengengonyama ebhongayo nebhere* elihahayo, unjalo umbusi omubi phezu kwabantu abampofu.


Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere* amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.


U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.


Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova.


Zonke izinceku zadlula eceleni kwakhe kanye nawo onke amaKhereti nawo onke amaPheleti; nawo onke amaGiti, abantu abangamakhulu ayisithupha, ayeyilandela esuka eGati, adlula phambi kwenkosi.


Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”


UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”


Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite