Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 UDavide wayesesuka nabo bonke abantu ababe naye, bawela iJordani; ngasekuseni akusalanga noyedwa ongaliwelanga iJordani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 UDavide, nabo bonke abantu ababe naye, basuka bawela iJordani. Kwathi kusa, kwabe kungekho namunye owayesasele engaliwelanga iJordani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngemva kwalokho uDavide waqeda kanye nawo wonke amadoda ayenaye, bawela iJordani;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:22
8 Referans Kwoze  

ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.


Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.


UDavide wayesefika eMahanayimi. U-Abisalomu waliwela iJordani, yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.


“Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu.


Kwathi sezimukile, baphuma emthonjeni, baya bayitshela inkosi uDavide, bathi kuDavide: “Sukani, nisheshe niwele amanzi, ngokuba u-Ahithofeli weluleke kanjalo ngani.”


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


Nkulunkulu wami, umphefumulo wami udangele phakathi kwami; ngakho-ke ngikhumbula wena ezweni laseJordani, nakwelamaHermoni, nasentabeni yaseMisari.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite