Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayivame ukuya ibatshele, bese bona bewedlulisela umbiko enkosini uDavide, babekwenza lokhu ngendlela yokuba bangabonwa muntu behamba beya emzini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 OJonathani no-Ahimahasi bahlala e-Eni Rogeli; ngoba babengabonwa bengena emzini. Bahamba bayitshela inkosi uDavide.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:17
8 Referans Kwoze  

Bheka, kukhona lapho nabo amadodana abo amabili, o-Ahimahasi indodana kaSadoki noJonathani indodana ka-Abiyathara; niyakuthuma kimi ngesandla sabo konke eniyakukuzwa.”


Yathi inkosi kuSadoki umpristi: “Ungumboni; buyela emzini ngokuthula, namadodana enu amabili enani, o-Ahimahasi indodana yakho noJonathani indodana ka-Abiyathara.


umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;


umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;


U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;


Esakhuluma, bheka, kwafika uJonathani indodana ka-Abiyathara umpristi; u-Adoniya wathi: “Ngena, ngokuba wena uyindoda enamandla; uze nodaba oluhle.”


Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite