Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngalokho thumelani masinyane nimtshele uDavide ukuthi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni asehlane ngalobu busuku, kepha uwele nokuwela, funa inkosi igwinywe kanye nabantu bonke abanayo.’ ”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Ngakho-ke phuthumani nithumele kuDavide, nimbikele nithi: ‘Ungahlali ngasemazibukweni ehlane ngalobu busuku; wela nokuwela, funa inkosi ibhujiswe nabo bonke abantu abanayo lapho.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ngakho-ke thumelani masinyane nitshele uDavide, nithi: ‘Ungalali emathafeni asehlane ngalobubusuku, kepha dabula masinyane; funa inkosi idliwe nabantu bonke abanayo.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:16
14 Referans Kwoze  

Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.”


Ngokuba thina esisekhona kuleli dokodo sibubula, sisindwa, ngokuba asithandi ukwambulwa kodwa ukwelakanyiswa, ukuze okufayo kugingwe ngukuphila.


Kepha nxa lokhu okubolayo sekwembethe ukungaboli, nalokhu okufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo lokuthi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


Uyakuthumela esezulwini, angisindise mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela* UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.


Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke; ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.


Ngabe ngiphuthuma indawo yokuphepha emoyeni ovunguzayo nasesiphephweni.


Mabangasho enhliziyweni yabo ukuthi: “He, kwaya ngesifiso sethu!” Mabangasho ukuthi: “Simgwinyile.”


UDavide wayesethi ezincekwini zakhe zonke ezazinaye eJerusalema: “Sukani, sibaleke, ngokuba, uma singenzi njalo, akuyikuphunyuka muntu kithi phambi kuka-Abisalomu; sheshani, nimuke, funa asifice masinyane, asehlisele okubi, awuchithe umuzi ngosiko lwenkemba.”


UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe.


Abakho lapho nawe oSadoki no-Abiyathara abapristi na? Kuyakuthi konke okuzwayo endlini yenkosi ukutshele oSadoki no-Abiyathara abapristi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite