Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 17:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Sesiyakumfikela endaweni ethile lapho engatholakala khona, simehlele njengokuwela kwamazolo emhlabathini; kuyena nabantu bonke abanaye asiyikushiya noyedwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 Siyakumhlasela noma kuphi lapho siyomfica khona, simthelekele kuhle kwamazolo ehlela emhlabathini; akanakuphunyuka, yena nabo bonke abanaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngakho siyakuhlangana naye endaweni lapho ayotholakala khona, futhi siyokwehlela phezu kwakhe njengamazolo ewela emhlabathini; futhi kuye nakuwo wonke amadoda akanye naye akuyikusala neyodwa.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 17:12
8 Referans Kwoze  

Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile wena ohlezi emifantwini yamawa, ondawo yakho yokuhlala iphakeme, othi enhliziyweni yakho: Ngubani ongangehlisela phansi na?


Ngemba, ngaphuza amanzi angaziwayo; ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.”


“ ‘Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuwo.


UBeni Hadadi wayesethumela kuye, wathi: “Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.”


Bhekani, nizazi zonke izindawo zokucasha, lapho ecasha khona, nibuyele kimi nineqiniso; ngiyakuhamba nani; kuyakuthi uma ekhona ezweni, ngimfice phakathi kwayo yonke imindeni yakwaJuda.”


Abantu bakho bayazinikela ngenjabulo ngosuku lwempi yakho; ebuhleni bobungcwele abasha bakho bavela njengamazolo esizalweni sokusa.


Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaningi njengamazolo avela kuJehova, ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu, zingahlaleli abantwana babantu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite