Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJehova ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe; uJehova unikele umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho; bheka, usubhajiwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 USimakade ubuyisele phezu kwakho lonke igazi lendlu kaSawule okade ubusa esikhundleni sakhe. USimakade uwunikele umbuso esandleni sendodana yakho u-Absalomu. Nakhu lapha ukhona, ubhajwe ebubini bakho, ngokuba ungumuntu wegazi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJehova wabuyisela lonke igazi lendlu kaSawule owabusa esikhundleni sakhe phezu kwakho; uJehova wanikela umbuso esandleni sika-Abisalomu indodana yakho;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:8
18 Referans Kwoze  

UDavide wathi kuye: “Igazi lakho malibe phezu kwekhanda lakho, ngokuba umlomo wakho ufakazile ngawe, lapho uthi: ‘Ngibulele ogcotshiweyo kaJehova.’ ”


ukuba ubudlova obenziwe kuwo amadodana angamashumi ayisikhombisa kaJerubali* bufike, negazi labo libekwe phezu kuka-Abimeleki umfowabo owababulala, naphezu kwabaseShekemi abaqinisa izandla zakhe ukuba abulale abafowabo.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Madodana abantu, koze kube nini ubukhosi bami budunyazwa na? Koze kube nini nithanda okuyize, nifuna amanga, na? Sela*


Baningi abathi emphefumulweni wami: “Akukho ukusinda kwakhe kuNkulunkulu.” Sela*


wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*


Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”


Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”


ngenxa yezwi lesitha, ngenxa yokucindezela komubi; ngokuba bagingqela okubi phezu kwami; bangizingela bethukuthele.


Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli icala, futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.


“Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani, ngafunga kuye uJehova ngokuthi: ‘Angiyikukubulala ngenkemba.’


uma ngiphindise okubi kohlalisene nami ngokuthula, ngaphanga isitha sami kungekho sici,


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite