Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma khona umuntu womndeni wendlu kaSawule ogama lakhe linguShimeyi indodana kaGera; waphuma, wahamba ethuka.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Kwathi lapho inkosi uDavide ifika eBhahurimi, kwaphuma omunye wabomndeni wendlu yenkosi uSawule, igama lakhe kunguShimeyi, indodana kaGera; wayehla enyuka ethuka inkosi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Lapho inkosi uDavide ifika eBahurimi, bheka, kwaphuma indoda yomndeni wendlu kaSawule, igama layo linguShimeyi indodana kaGera;

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:5
22 Referans Kwoze  

Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.


UmFilisti wathi kuDavide: “Ngiyinja yini ukuba uze kimi unezinduku na?” UmFilisti wamthuka uDavide ngawonkulunkulu bakhe.


“Awuyikuthuka uNkulunkulu, ungaqalekisi induna yabantu bakini.


Kepha umfana wababona, wamtshela u-Abisalomu; base beshesha, bahamba bobabili, bafika endlini yomuntu waseBahurimi owayenomthombo egcekeni lakhe; behlela khona.


Bayakudabula izwe bexinekile, belambile; kuyakuthi lapho belamba, bavuke ulaka, bathuke inkosi yabo noNkulunkulu wabo, babheke phezulu.


Ungayiqalekisi inkosi nasemicabangweni yakho, ungabathuki abacebileyo nasekamelweni lakho lokulala, ngokuba inyoni yezulu iyakulihambisa izwi, nokunamaphiko kuyakuyilanda indaba.


Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo, kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.


Mabathuke bona, wena ubusise; nxa bevuka, mabajabhe; kepha inceku yakho mayithokoze.


Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela, baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.


Inkosi nabo bonke abantu ababenayo bafika beyethile; wahlunyelelwa khona.


Yayisithi-ke inkosi kuSiba: “Bheka, kungokwakho konke okwakungokukaMefibosheti.” Wathi uSiba: “Ngiyakhuleka: mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi yami, nkosi.”


Wamphonsa uDavide ngamatshe kanye nezinceku zonke zenkosi uDavide, bonke abantu nawo onke amaqhawe bengasesandleni sakhe sokunene nangakwesokhohlo.


Izitha zami ziyangithuka usuku lonke; abahlanya ngami bayangiqalekisa.


ngokuba iyisimbozo sakhe esisodwa, iyisambatho somzimba wakhe; uyakulala ngani na? Kuzakuthi nxa ekhala kimi, ngizakumuzwa, ngokuba nginomusa.


no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,


Kwakukhona umuntu womJuda eShushani endlini yenkosi ogama lakhe lalinguMoridekayi kaJayire kaShimeyi kaKishi wakwaBenjamini,


Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite