Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 16:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bammisela u-Abisalomu itende ophahleni lwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 U-Absalomu bammisela ithende ophahleni lwendlu. U-Absalomu walala nazo zonke izancinza zikayise phambi kuka-Israyeli wonke.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Bammisela u-Abisalomu itende phezu kwendlu; u-Abisalomu wangena kuzo izancinza zikayise emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 16:22
11 Referans Kwoze  

Yayisiphuma inkosi, bonke abendlu bayo beyilandela. Inkosi yashiya abesifazane abayishumi abayizancinza ukuba balinde indlu.


UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.


abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba.


“ ‘Ngokuba izingazi zawo ziphakathi kwawo; wazibeka edwaleni eliyinyabule; akazithelanga emhlabathini ukuzisibekela ngothuli.


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo; benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli. Maye kuyo imiphefumulo yabo! Ngokuba bazenzele okubi.


Kwathi kusihlwa uDavide wavuka embhedeni, wahamba ophahleni lwendlu yenkosi, wabona esesophahleni owesifazane egeza; owesifazane wayemuhle kakhulu, ebukeka.


Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite