Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke bawela; nenkosi futhi yawela umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngasendleleni yasehlane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu. Abantu bonke bawela, nenkosi nayo yawela umfudlana iKidroni; abantu bonke bawela ngendlela yasogwadule.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Izwe lonke lakhala ngezwi elikhulu, nabantu bonke badabula; nenkosi yadabula umfudlana iKidroni, nabantu bonke bawela ngendlela yasehlane.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:23
12 Referans Kwoze  

Inkosi yathi kuSiba: “Uthini ngalezi zinto na?” Wathi uSiba: “Izimbongolo zingezokukhwelwa ngabantu bendlu yenkosi, izinkwa nezithelo zingezokudliwa, newayini lingelokuphuzwa ngabayethileyo ehlane.”


UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.


Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”


Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.


Wakhula-ke umntwana, waba namandla emoyeni; wahlala ehlane kwaze kwaba lusuku lokubonakaliswa kwakhe ku-Israyeli.


Ngokuba nguye akhuluma ngaye umprofethi u-Isaya, ethi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.’ ”


Ngaleyo mihla kwavela uJohane uMbhapathizi eshumayela ehlane laseJudiya, ethi:


Abapristi bangena kokuphakathi kwendlu kaJehova ukuba bayihlambulule, nakho konke ukungcola abakufumanisayo ethempelini likaJehova bakukhiphela egcekeni lendlu kaJehova. AmaLevi akuthatha, akukhipha, akuyisa emfudlaneni iKidroni.


Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


UDavide wathi ku-Ithayi: “Hamba, uwele.” U-Ithayi umGiti wawela kanye nabo bonke abantu bakhe nazo zonke izingane ezazinaye.


Bheka, mina ngiyakulibala ngasemazibukweni asehlane, kuze kufike izwi elivela kini lokungibikela.”


Sonke isigodi sezidumbu, nesomlotha, nawo onke amasimu kuze kube semfudlaneni iKidroni, kuze kufike egumbini leSango Lehhashi ngasempumalanga kuyakuba ngcwele kuJehova, kungabe kusasishulwa, kubhidlizwe kuze kube phakade.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite