Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Njengoba ufikile izolo, kufanele ngikuvumele wehle njalo kanye nathi namuhla? njengoba ngiya lapho engiya khona, buyani nithathe abafowenu; umusa neqiniso makube nawe!

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:20
17 Referans Kwoze  

Wayesesuka uDavide nabantu bakhe kungathi abangamakhulu ayisithupha, baphuma eKeyila, bahamba lapho bebenokuhamba khona. Kwabikwa kuSawule ukuthi uDavide ubalekile eKeyila; wayeseyeka ukuphuma.


Manje uJehova makanenzele umusa neqiniso, nami nginibuyisele lowo musa, ngokuba niyenzile leyo nto.


Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.


Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.


Angithi bayaduka abaceba okubi na? Umusa neqiniso kuyakuba ngokwabaqamba okuhle.


Ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakho sobukhosi; umusa neqiniso kuyahamba phambi kobuso bakho.


Kuyakuhlangabezana umusa neqiniso, kwangane ukulunga nokuthula.


Iyakuhlala phambi kukaNkulunkulu kuze kube phakade; yimisele umusa neqiniso ukuba kuyilondoloze.


Zizulazulela ukudla; uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.


Uyakuthumela esezulwini, angisindise mhla ofuna ukungigwinya ekloloda. Sela* UNkulunkulu uyakuthuma umusa wakhe neqiniso lakhe.


Ukuzula kwami ukubalile wena; yetha izinyembezi zami egabheni lakho; azikho encwadini yakho na?


Zonke izindlela zikaJehova zingububele neqiniso kulabo abagcina isivumelwano sakhe nezifakazelo zakhe.


Isihhe neqiniso makungakushiyi; kubophe entanyeni yakho, ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,


UDavide wayesethuma izithunywa kubantu baseJabeshi Gileyadi, wathi kubo: “Manibusiswe nguJehova, ngokuba nenzile lowo musa kuyo inkosi yenu, uSawule, nammbela.


Khona ngiyakulidumisa igama lakho kuze kube phakade, ukuze ngigcwalise izithembiso zami imihla ngemihla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite