Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




2 Samuweli 15:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 U-Absalomu wathumela ku-Ahithofeli, umGiloni, umeluleki kaDavide owayevela emzini iGilo, lapho esanikela ngemihlatshelo. Lwaqina-ke uzungu, futhi banda nabantu ngasohlangothini luka-Absalomu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Abisalomu wathumela wabiza u-Ahithofeli waseGiloni, umeluleki kaDavide, emzini wakubo eGilo, esanikela imihlatshelo. Uzungu lwaqina; abantu banda njalo ku-Abisalomu.

Gade chapit la Kopi




2 Samuweli 15:12
26 Referans Kwoze  

Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Kwabikwa kuDavide ukuthi: “U-Ahithofeli uphakathi kwabozungu luka-Abisalomu.” Wayesethi uDavide: “Jehova, mawuntumazelise amasu ka-Ahithofeli.”


neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.


Lapho u-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe, wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.


U-Abisalomu nabantu bonke bakwa-Israyeli bathi: “Isiluleko sikaHushayi umArki singcono kunesiluleko sika-Ahithofeli.” Ngokuba uJehova wayenqumile ukuba kushafiswe isiluleko esihle sika-Ahithofeli, ukuze uJehova amehlisele u-Abisalomu okubi.


Bavuma ukuthi bayamazi uNkulunkulu, kepha bayamphika ngemisebenzi yabo bengabenyanyekayo, nabangalaleliyo, nasemisebenzini yonke emihle kabasizi lutho.


“Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.


u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;


Amemezela ukuzila ukudla, ambeka uNaboti emqoka kubantu.


Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNaboti emqoka kubantu,


UBalaki wenza-ke njengalokho eshilo uBileyamu; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.


Wamyisa ensimini yaseSofimu esiqongweni sasePisiga, wakha ama-altare ayisikhombisa, wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.


UBileyamu wathi kuBalaki: “Ngakhele lapha ama-altare ayisikhombisa, ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.”


U-Abisalomu nabantu bonke, amadoda akwa-Israyeli, bafika eJerusalema, u-Ahithofeli enabo.


no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Kepha wena Jehova, ngihawukele, ungilulamise, ukuze ngibaphindisele.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite